Ukuhlela kabusha umthetho olawula iqophelo lomoya ngenhloso yokuvikela nokwenza ngcono izinga lomoya eRiphabhuliki, ukubhekela isidingo sentuthuko emmile; ukuhlinzekela inkambo namaqophelo kazwelonke alawula ukuqashelwa kweqophelo lomoya; ukugcina nokulawula okwenziwa yizo zonke izinhlaka zikahulumeni; ezinhlelweni ezithile zeqophelo lomoya; nezindaba ezithinta lokhu okubaluliwe.
c nomunye umthetho omncane okhishwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Kulo Mthetho, igama noma isisho esivela egameni noma esigatshaneni -1 linencazelo efanayo ngaphandle uma ingqikithi ikhomba ukuthi kuqondwe enye incazelo.
a wukuvikela nokwenza ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika, b ukwehlisa ubungozi ezimpilweni zabantu nakwimvelo nokubhekela isidingo sentuthuko emileyo.
a ngokusebenzisa izinhlaka zikahulumeni eziqhuba lo Mthetho, kuyofanele azimisele ngokuvikela nokwenza ngcono iqophelo lomoya eNingizimu Afrika; futhi b asebenzise loMthetho ngendlela eyohlomulisa inqubekelaphambili nempumelelo yalawo malungelo.
a emazingeni kahulumeni kazwelonke nasezinhlakeni zohulumeni basekhaya; kanjalo b ezinhlakeni zohulumeni bezifundazwe, ngokuhambisana nesigaba- 146 soMthethosisekelo.
Ukuhunyushwa nokusebenza kwalo Mthetho kufanele kuholwe yinkambiso kazwelonke yokugcinwa kwemvelo enqunywe esigabeni- 2 soMthetho kaZwelonke Wokugcinwa Kwemvelo.
c nomthetho kamasipala, kuyomukelwa umthetho omncane oshaywe ngaphansi kwalo Mthetho.
Ngenhloso yokusebenzisa ngendlela efanele isigatshana- 2b, ngokulandisa kwesigaba- 146 soMthethosisekelo, Ungqongqoshe kufanele ethule eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe yonke imithetho emincane engaphansi kwalona emiswe ngaphansi kwawo nethinta izifundazwe ukuze yemukelwe.
g olunye udaba olucatshangwa nguNgqongqoshe njengento efanele ekufezeni inhloso yalo Mthetho.
d ekwehliseleni ezingeni elingalimazi imikhiqizo engaba yingozi eqophelweni lomoya, kuhlangene nokunciphisa umkhiqizo wesisi ezikhungweni eziyikhiqizayo.
Uhlaka lukahulumeni kufanele lulandele uhlaka lukazwelonke ekusebenziseni amandla noma ekuqhubeni umsebenzi, ngokulandisa kwalo Mthetho noma eminye elawula ukugcinwa kweqophelo lomoya.
d kufanele lubuyekezwe nguNgqongqoshe ngezikhathi ezithile ingakapheli iminyaka emihlanu.
a Ngaphambi kokushicilela uhlaka lukazwelonke, noma kwenziwe uguquko ohlakeni, Ungqongqoshe kufanele alandele inqubo yokubonisana ngendlela ehambisana nezigaba- 53 no- 54.
b Indima a, ayidingi ukulandelwa uma uhlaka luchitshiyelwe kancane.
imikhiqizo esuka endaweni eyaziwayo, engaqondakali kanjalo nekhiqizwa yimisuka eyizithuthi.
umsebenzi owenziwa ngomasipala ekuqhubeni loMthetho.
ukusebenza kwezinhlaka zikahulumeni mayelana namaqhinga okugcina iqophelo lomoya kanjalo namaqhinga okugcina amaqophelo omoya ezindaweni ezikleliswe phambili.
ukufinyelela komphakathi elwazini.
i ezinga lomoya kuhlangene nesilinganiso senani elivumelekile noma ingxube yaleso sici esikhiqizeka emoyeni; noma ii emikhiqizo esuka endaweni eqondakalayo, engaqondakali nasezithuthini.
Izigaba-73a, 4, 5 no- 6 ngokuhambisana nezinguquko ezidingwa yingqikithi zisebenza esazisweni esishicilelwe kwiGazethe ngokulandisa kwalesi sigaba.
mayelana nomkhiqizo osuka endaweni eqondakalayo, engaqondakali noma ezithuthini kuleso sifundazwe noma kwenye indawo eyakhele isifundazwe.
Uma esebunjiwe amaqophelo kazwelonke ngokulandisa kwesigaba 9 ngesici noma ngengxube ngayinye eqaguliwe, uNgqongqoshe wesiFundazwe engaguqula noma yiliphi iqophelo likazwelonke ngaphandle kokuqinisa iqophelo lesifundazwe noma lendawo eyakhele isifundazwe ledlule elikazwelonke.
a Ngaphambi kokushicilela isaziso ngokulandisa kwalesi sigaba, noma isichibiyelo esazisweni, uNgqongqoshe wesiFundazwe kufanele alandela inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba- 53 no- 54.
b Asikho isidingo sokulandela indima- a uma isaziso siguqulwa kancane.
b mayelana nesici noma ngengxube , engasungula amaqophelo endawo ngemikhiqizo esuka endaweni eqondakalayo, engaqondakali noma edalwa yizithuthi endaweni kamasipala.
noma- 10 ngesici noma ngengxube ethile yazo, umasipalati akakwazi ukuwaguqula ngaphandle kokuzibumbela awakhe aqine ngokwedlulele ayobusa umasipalati wonke noma ingxenye ethile yakhe.
Ngaphambi kokuba umasipalati emukele umthetho wangaphakathi ophawulwe esigatshaneni- , kufanele alandele inqubo yokubonisana ngendlela ehambisana neSahluko 4 soMthetho Wezinhlelo zoMasipalati.
a Isilinganiso seqophelo lomoya okufanele silandelwe, b Indlela okufanele kubikwe ngayo isilinganiso nezinhlaka zikahulumeni okuyobikwa kuzo lezo zilinganiso.
Kwemvelo lapho liyoluleka khona uNgqongqoshe ngokusebenza kwalo Mthetho.
nokusingatha iqophelo lomoya kuhulumeni kazwelonke.
kufanele akhethe isiphathimandla emkhandlwini wesifundazwe esiyoqhuba umsebenzi weqophelo lomoya nesiyoxhumanisa izindaba eziqondene neqophelo lomoya esifundazweni.
Umasipalati ngamunye kufanele ukhethe ngaphakathi isisebenzi seqophelo lomoya esiyoqhuba umsebenzi wokuxhumanisa izindaba eziqondene nokusingatha iqophelo lomoya kumasipalati.
amandla esigixabezwe wona ngokwalo Mthetho.
b Isisebenzi seqophelo lomoya singedlulisela kwelinye ilunga elisebenza kuleyo ndawo amandla aso, inqobo lapho silandela imigomo nemibandela emiswe nguNgqongqoshe.
Isisebenzi seqophelo lomoya singedlulisa amandla noma umsebenzi ngendlela engachazwa ohlakeni lukazwelonke noma inqunywe nguNgqongqoshe.
Wokugciwa Kwemvelo kufanele uxube kulelo cebo, iqhinga lokugcina iqophelo lomoya.
Eqhingeni lentuthuko edidiyele, Umasipalati ngamunye kufanele uhlinzekele iqhinga lokugcinwa kweqophelo lomoya ngendlela ehlonzwe eSahlukweni- 5 soMthetho Wezinhlelo zoMasipalati.
c lihambisane nanoma yimuphi omunye umbandela nesidingo esinqunywa nguNgqongqoshe.
d Imisebenzi yokuqapha iqophelo lomoya.
b indawo idinga isenzo esithile sokugcina iqophelo lomoya ngenhloso yokulungisa isimo esikhona.
b indawo yenabela ngale komngcele wesinye isifundazwe; noma c indawo iwela ngaphansi kwesifundazwe lapho leso sifundazwe sicele khona uNgqongqoshe adalule leyo ndawo njengekleliswe phambili.
egamanxile njengekleliswe phambili.
Ngaphambi kokushicilela isaziso ngaphansi kwesigatshana- 1, uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele alandela inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba -53 no- 54.
Ukudalulwa kwendawo ngokuhlanganyela njengekleliswe phambili kungahoxiswa uma indawo isihambisane namaqophelo omoya okungenani isikhathi esiwunyaka.
b zingakapheli izinyanga eziyisithupha idaluliwe indawo noma singakapheli isikhathi esivunywe nguNgqongqoshe, sethule iqhinga kuNgqongqoshe ngenhloso yokugunyazwa.
b zingakapheli izinyanga eziyisithupha leyo ndawo idaluliwe noma singakapheli isikhathi esingamiswa nguNgqongqoshe wesiFundazwe, lethule iqhinga kuNgqongqoshe ukuze ligunyazwe.
b zingakapheli izinyanga eziyisithupha indawo idaluliwe noma isikhathi eside ngegunya likaNgqongqoshe wesiFundazwe, ekwethuleni iqhinga kuNgqongqoshe wesiFundazwe ukuze lemukelwe.
Ungqongqoshe wesiFundazwe noma Ongqongqoshe.
a Ungqongqoshe kazwelonke, Ungqongqoshe noma Ongqongqoshe besiFundazwe abathintekayo kufanele bashicilele iqhinga elemukelwe ngesaziso seGazethe zingakapheli izinsuku ezingu- 90 lemukelwe iqhinga.
b Iqhinga elemukelwe liyoqala ukusebenza ngosuku elishicilelwe ngalo.
c ngokwenhloso yokuqhuba iqhinga lokugcina iqophelo lomoya, lingahlinzeka ngokubunjwa kwekomidi elimmele abantu ababambe iqhaza nabathintekayo.
Iqhinga lokugcina iqophelo lomoya endaweni ekleliswe phambili liphelelwa yisikhathi uma indawo edalulwe njengekleliswe phambili ihoxiswa ngendlela elawulwe esigabeni- 18.
d ukubuyekeza ngezikhawu ezithile lawo maqhinga.
enze izinguquko ezithile emininingwaneni yohlu.
Uhlu olushicilelwe nguNgqongqoshe kaZwelonke lusebenza ezweni lonke kanti uhlu olushicilelwe nguNgqongqoshe wesiFundazwe lusebenza kuphela kuleso sifundazwe.
c kufanele sinqume usuku esiyoqala ngalo ukusebenzi isaziso.
a Ngaphambi kokushicilela isaziso ngokulandisa kwesigatshana- 1 noma olunye uguquko, Ungqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe kufanele alandele inqubo yokubonisana ngendlela ehambisana nesigaba -53 no- 54.
b Asikho isidingo sokulandela indima- a uma isaziso siguqulwa kancane.
zingaholela ebungozini empilweni noma emvelweni.
Asidingi ukulandelwa isigatshana-2 ezinguqukweni ezincane zesaziso.
noma ingxube yesici esithile noma inhlanganisela yazo engakhiqizwa yisikhali esilawulwayo.
Ungqongqoshe kaZwelonke kufanele ammise indlela okuyolinganiswa ngayo umkhiqizo wesisi ovela ezintweni ezilawulwayo.
Akekho umuntu ongakhiqiza, adayise noma asebenzise isikhali noma aqhube umsebenzi odalulwe njengesikhiqizi-sisi esilawulwayo ngaphandle kokuba leso sikhali noma umsebenzi uhambisane namaqophelo asungulwe ngaphansi kwesigaba- 24.
noma esifundazweni esithintekayo kuphela mayelana nesikhali noma nesenzo esidalulwe nguNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya kuleso sifundazwe.
b angafuna labo bantu abawela esigabeni esichazwe esazisweni balungise bese bethula kuNgqongqoshe kazwelonke noma wesifundazwe amaqhinga okunqanda ukunukutshezwa komoya ngesici noma isisi esidalulwe endimeni -(a) njengembangela enkulu yokunukutshezwa komoya ngenhloso yokwemukelwa.
Ngesaziso esibhaliwe saqondiswa kumuntu oqhuba isenzo esisohlwini nesibandakanya umkhiqizo wesisi esidalulwe njengesiphambili ekunukubezeni umoya, Ungqongqoshe kazwelonke noma wesifundazwe angajuba lowo muntu alungise, ethule ngenhloso yokwemukelwa kuNgqongqoshe kazwelonke noma wesifundazwe iqhinga lokunqanda ukunukutshezwa komoya, akukhathalekile ukuthi lowo muntu ukhona emkhakheni ochazwe esigatshaneni- (b).
Amaqhinga okunqanda ukunukutshezwa kwemvelo kufanele ahambisane nezidingo ezingachazwa nguNgqongqoshe kazwelonke noma wezifundazwe.
noma b kubuyekezwe imvume yesisi emkhathini ngaphansi kwesigaba- 42.
Isisebenzi seqophelo lomoya singasungula uhlelo lokuhlonipha umphakathi ngegalelo elibonakalayo endaweni mayelana nokunqanda ukunukutshezwa kwemvelo.
b izinyathelo okufanele zithathwe ekunqandeni isinengiso sothuli; noma c eminye imizamo eqondiswe ekulawuleni uthuli.
ngokunqandwa kokunukutshezwa komkhathi yizintuli ngemuva kokuvalwa kwemboni yemayini.
izinga eliphezulu lomsindo okungafanele leqiwe.
Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe engammisa imizamo yokulawula amaphunga anengisayo aqutshulwa yizenzo ezichaziwe.
Umhlali endaweni kufanele athathe izinyathelo ezifanele zokunqanda umkhiqizo onephunga elibi odaleka kulawo magceke.
esigabeni -22 ngale nhloso, kufanele baqhube imisebenzi yomkhandlu wezimvume njengoba wethulwe kulesi Sahluko nakweminye imibandela yalo Mthetho, kuhambisana nezigatshana - , , no.
Uma umasipalati wedolobha noma wesifunda edlulise amandla awo njengomkhandlu wezimvume kolunye lwezinhlaka zikahulumeni esifundazweni ngokulandisa kwesigaba -238 soMthethosisekelo, lolo hlaka esifundazweni kufanele luthathwe njengomkhandlu wezimvume kulowo masipala ekufezeni inhloso yalo Mthetho.
Ngokulandisa kwesigaba -139 soMthethosisekelo, uma Ungqongqoshe wesiFundazwe engenele udaba lomasipala wedobobha noma wesifunda ngesizathu sokuthi lowo masipala awukwazi noma wehlulekile ukuhambisana ngokugcwele nemigomo njengomkhandlu wezimvume, uhlaka lukahulumeni esifundazweni oluqokwe nguNgqongqoshe wesiFundazwe kufanele lwemukelwe njengomkhandlu ogunyazelwe lo msebenzi kuze kuphele isikhathi esinqunyiwe ngaleyo ndawo kamasipala.
b yokuqhuba lo Mthetho ngemvume engakhishwa ngumasipalati.
Umuntu engafaka isicelo semvume yokukhiqiza isisi ngokwethula isicelo emkhandlwini wemvume endaweni lapho isenzo esisohlwini sikhona noma siyoqhutshwa khona., isicelo siyobhalwa kwifomu enqunywe ngumkhandlu wokukhipha imvume.
b yizincwadi nolwazi olunganqunywa ngumkhandlu wezimvume.
d kufanele unike ofake isicelo ithuba lokwethula umbiko ngezinsolo nemibiko engemihle noma ngokuphikiswa kwesicelo.
soMthetho Wokongiwa Kwemvelo sisebenza kuzo zonke izicelo zezimvume zokukhiqizwa kwesisi futhi ofake isicelo kanjalo nomkhandlu wemvume kufanele balandele lezo zigaba, izaziso neminye imigomo ekhishwe ngaphansi kwalezo zigaba.
a Ofake isicelo kufanele athathe izinyathelo ezifanele zokwazisa izinhlaka nabantu abathintekayo kanye nomphakathi ngesicelo.
incazelo ngesikhathi esenele sokwethula umbiko wokuziphendulela oqondene nabaphikisa isicelo kanjalo nekheli lomuntu ofake isicelo okuyilona liyosetshenziswa ekwethuleni incazelo neziphakamiso zokuchitha isicelo.
Siqukathe imininingwane efanele engafunwa wumkhandlu wemvume.
h eminye imihlahlandlela ekhishwe nguNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe ngegalelo lemikhandlu yezimvume ekwenzeni imisebenzi yayo.
a ungemukela isicelo; noma b uchithe isicelo.
i namanye amaqophelo omoya noma emkhiqizo yasemkhathini enqunywe ngaphansi kwalo Mthetho.
c wazise ngokubhaliwe izizathu zesinqumo sawo noma wazise umphakathi izizathu uma kukhona othile ocela kanjalo ngendlela emiswe endimeni- (b).
Lapho isicelo semvume yokukhiqiza isisi emoyeni sesikhishiwe ngokwesigaba- 37 (a), umkhandlu wemvume kufanele uqale ngokukhipha imvume yesikhashana yokukhiqiza isisi ngenhloso yokuvumela ukuqalwa kwenqalasizinda ngaphambi kokuqalisa ngesenzo esisohlwini.
b enganqunywa nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni eqondene nohlobo lwesenzo esisohlwini.
Umninimvume yesikhashana yokukhiqiza isisi unelungelo lemvume yokukhiqiza isisi uma isikhungo esigunyaziwe sesihambisane ngokugcwele okungenani izinyanga eziyisithupha nezimo nemibandela yemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi.
c enganqunywa nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni eqondene nohlobo lwesenzo esisohlwini.
m okunye okubalulekile ekuvikeleni noma ekuphoqeleni iqophelo lomoya.
noma yiziphi izinyathelo ezithathiwe noma ezizothathwa ukunqanda isimo sempinda yokwehluleka noma amalinge okunciphisa umthelela wokwehluleka.
Uma ubunini besenzo esikhishelwe imvume yokukhiqiza isisi bedluliswa, leyo mvume ingedluliselwa komunye wumuntu onegunya lesenzo uma esethole imvume emkhandlwini okhipha izimvume.
a Umuntu ofisa ukufaka isicelo segunya lokwedlulisa imvume yokukhiqizia isisi emkhathini kummele afake isicelo emkhandlwini wemvume osendaweni eyakhelwe wumsebenzi osohlwini nalapho uqhutshwa khona.
b isicelo kufanele sibe ngohlobo olufunwa wumkhandlu wezimvume.
b imininingwane yemibhalo nolwazi olufunwa wumkhandlu wezimvume.
Ekucubunguleni isicelo sokwedlulisa imvume yokukhiqiza isisi emkhathini, umkhandlu wemvume kufanele ubhekele zonke izinto ezifanele nokuxuba ulwazi lokuthi umuntu odluliselwayo unamandla futhi ufanele ngendlela elindelwe esigabeni-46.
Umkhandlu wezimvume kufanele ubuyekeze imvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emkhathini noma lemvume ibuyekezwe ngezikhathi ezithile ezimiswe kuyo noma lapho izimo zikhomba isidingo sokubuyekezwa.
umkhandlu wezimvume kufanele wazise ngokubhaliwe umninimvume nesisebenzi seqophelo lomoya ngokubuyekeza okuhlosiwe.
Ngenhloso yokubuyekeza, isisebenzi seqophelo lomoya singafuna umninimvume ahambisane futhi ethule umbiko womthelela emkhathini ohlonzwe esigabeni- 27.
c uma ebona isidingo noma kufanele ngenhloso yokuzwelana nezidingo zomthelela kwisimo senhlalakahle nezomnotho futhi leso sinqumo sifeza intando yomphakathi ekuhlangabezeni izidingo zawo.
f Ibuyekezwa ngokwesigaba -42.
c ngasizathi simbe, uguquko belungakagunyazwa ngokulandisa kweminye yemithetho noma kuboniswane nomphakathi.
d siqukathe eminye imininingwane engafunwa ngumkhandlu wemvume.
Zingafuna futhi zisebenze ezinguqukweni zemvume yokukhiqiza isisi emkhathini.
Ngesicelo esifakwe ngumninimvume, imvume yokukhiqiza isisi ingavuselelwa ngumkhandlu wemvume.
Ngaphambi kokuphela kwesikhathi semvume yokukhiqiza isisi, umninimvume engafaka isicelo sokuyivuselela emkhandlwini wezimvume endaweni lapho kuqhutshwa khona isenzo esisohlwini, uyogcwalisa isicelo ngefomu ethile yezicelo enqunywe wumkhandlu.
c imibhalo nolwazi olunganqunywa wumkhandlu wemvume.
Umninimvume yesikhashana yokukhiqiza isisi akufanele avuselele imvume yesikhashana iziwombe ezevile kwesisodwa.
Izigaba- 35, 37 no- 40, zifundwa nezinguquko ezifunwa yindikimba, zisebenza esicelweni sokuvuselela imvume yokukhiqiza isisi emkhathini.
Isisebenzi seqophelo lomoya singadinga umninimvume yokukhiqiza isisi aqoke isisebenzi esilawula ukukhiqizwa kwesisi, kuye ngobukhulu nohlobo lwesenzo esisohlwini esikhishelwe imvume.
b senze ngakho konke okusemandleni aso ukuqikelela ukuthi umninimvume ulandela imibandela nezimiso zemvumue.
Ngaphansi kwalesi sigaba, akukho okuphazamisa izibophezelo nokulindelwe kumninimvume ngokulandela izimiso nemibandela yemvume.
d ukuhlola ukuthi ukusingathwa kwesenzo esisohlwini esifakelwe isicelo siyoba sezandleni zomuntu onobuchwepheshe obufanele noma ngeke kube njalo.
a wokunukubeza umoya okugamanxela kwelinye izwe; noma b wokunukubeza umoya okwephula noma okungephula isivumelwane esisezingeni lomhlaba esibophezela iRiphabhuliki ngokunqanda, ukulawula noma ngokulungisa isimo sokunukutshezwa komoya.
Uma uphenyo oluhlonzwe esigatshaneni -1 luveza ukuthi umkhiqizo wesici emoyeni okuvela endaweni yeRiphabhuliki kungaba nomthelela omkhulu oyingozi eqophelweni lomoya, kwimvelo noma empilweni yelinye izwe, uNgqongqoshe enganquma izindlela ezithile zokunqanda, zokulawala noma zokulungisa leso simo sokukhiqiza ngaphakathi ezweni.
b noNgqongqoshe wesiFundazwe ongamele iqophelo lomoya esifundazweni esithintekayo.
e nezimo, inqubo yesivivinyo nemikhuba yaselabholethi okummele ilandelwe ekuthatheni isampula, ekuhlaziyeni, ekuhloleni, ekulinganiseni noma ekulandeleleni ingxube yezici zomkhiqizo.
Ngegama lelunga elimmele izindaba zangaphandle, uNgqongqoshe angeluleka uhulumeni welinye izwe elithintekayo noma elihlomulayo ngomgomo ngaphambi kokushicilela lowomgomo.
h ephula noma ehluleka ukuhambisana nombandela anikwe ngawo igunya lokuxolelwa emigomweni ethile yalo Mthetho ngaphansi kwesigaba- 56.
Umuntu osebenza ngesikhiqizi-sisi esilawulwayo uyoba necala lokwephula umthetho uma imikhiqizo yesisi echaziwe ingahambisani nezinga elibunjwe ngaphansi kwesigaba- 24 ethile elimisiwe lengxube yaleyo mikhiqizo yesisi evela esikhungweni sabo esilawulwayo.
Umuntu osebenza ngesenzo esisohlwini uyoba necala lokwephula umthetho uma isisi esichaziwe seqe izinga elithile elimiswe kwimvume yomkhiqizo wesisi futhi sidalwa yisenzo esibhaliwe.
engahlawuliswa noma abhadle ejele isikhathi esingevile eminyakeni eyishumi noma athole isijeziso sakho kokubili.
ubukhulu begalelo lokunukubeza kulowo olahlwe yicala lapho kuyobhekwa khona umehluko awenzile lapho kuqhathaniswa nesimo esijwayelekile kuleyo ndawo.
q olunye udaba olubalulekile ekuqhubeni noma ekusebenzeni kwalo Mthetho.
Ungqongqoshe wesiFundazwe engashaya imigomo engehlukile kulo Mthetho mayelana nanoma yini uNgqongqoshe wesiFundazwe anamandla noma okufanele ayishayele umgomo ngaphansi kwalo Mthetho, ngisho nodaba oluphawulwe esigabeni -50(c) kuya ku- (q).
d ididiyele ngokuhlela ngenqubo yokuziphatha noma ngamazinga kazwelonke noma ngeqophelo lomhlaba mayelana nezinga lomoya.
c ngakho kokubili, inhlawulo nokuboshwa.
Mthetho, noma esinye isichibiyelo emigomweni, uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele alandele inqubo yokubonisana ehambisana nezigaba- 53 no- 54.
b Indima a ayidingi ukulandelwa uma imigomo ichitshiyelwe kancane.
Ngaphambi kokusebenzisa amandla aloMthetho okufanele asetshenziswe ngokuhambisana nalesi sigaba nesigaba -54, Ungqongqoshe kaZwelonke nowesiFundazwe kufanele balandele inqubo efanele yokubonisana nelungele isimo ngasinye.
g avumele umphakathi ukuba ubambe iqhaza kulenqubo njengencazelo yesigaba- 54.
b nasephephandabeni okungenani elilodwa elidayiswa ezweni lonke, uma amandla ahlongozwayo ethinta indawo ethile, okungenani sikhishwe ephephandabeni elilodwa elidayisa kuleyo ndawo.
b siqukathe ulwazi olwenele lokunika amalunga omphakathi ithuba elenele lokwethula iziphakamiso nokuphikisa isinqumo.
Uma isimo sifanele, uNgqongqoshe kaZwelonke noma Ungqongqoshe wesiFundazwe engavumela umuntu noma umphakathi wethule iziphakamiso noma impikiswano ngomlomo kuNgqongqoshe kaZwelonke noma kuNgqongqoshe wesiFundazwe, noma kulowo ojutshwe nguNgqongqoshe kaZwelonke noma kuNgqongqoshe wesiFundazwe.
Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele acubungule kahle zonke iziphakamiso nokuphikisa okutholiwe noma okwethuliwe ngaphambi kokusebenzisa lamandla.
b amandla noma umsebenzi obonwa nguNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe ufanele ekumsizeni nokuqhubeka namandla kanye nomsebenzi wakhe.
Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe kufanele abuyekeze izikhathi ngezikhathi amandla okusebenza edlulisiwe noma umsebenzi uqobo, uma sikhona isidingo, awachibiyele noma awahoxise lawomandla ngendlela ephawulwe esigatshaneni-.
d akwephuci uNgqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe isibophezelo sakhe ngesizathu nje sokuthi wedlulisele kwesinye isisebenzi amandla okusebenza noma ukuqhuba lowo msebenzi.
Ungqongqoshe kaZwelonke noma wesiFundazwe engaqinisa, aguqule noma achithe isinqumo esithathwe yisisebenzi ngenxa yamandla esidluliselwe wona ngokulawula kwalesi sigaba, ngaphandle kwamalungelo isisebenzi esizitholele wona ngenxa yesinqumo sokunikwa amandla aphawuliwe.
Noma yimuphi umuntu noma uhlaka lukahulumeni lungafaka isicelo esibhaliwe sokuxolelwa esibophezelweni salo mthetho kuNgqongqoshe kaZwelonke.
Isicelo esifakwe ngokulandela isigatshana- 1 kufanele siphelezelwe yizizathu.
a Ungqongqoshe kaZwelonke engafuna kofake isicelo sokuxolelwa ezibophezelweni zalomthetho ukuba athathe izinyathelo ezifanele zokwazisa izinhlaka ezifanele zikahulumeni, abantu abanentshisekelo nomphakathi ngesicelo sakhe.
siqukathe leyo mininingwane eqondene nesicelo efunwa nguNgqongqoshe kaZwelonke.
b engahoxisa imvume yokuxolelwa uma ethola izizathu ezinqala zokwenza njalo.
Umthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya uyesulwa ngendlela ehambisana nezigatshana - no- nesigaba- 58.
Noma yini eyenziwe noma ethathwa njengaleyo eyenziwe ngaphansi kombandela osulwe yisigatshana- nongenziwa ngaphansi kombandela walo Mthetho, kufanele ithathwe njengenziwe ngaphansi kwalowo mgomo waloMthetho.
Noma yini eyenziwe noma ethathwa njengenziwe ngaphansi kombandela osulwe yisigatshana- nongenziwa ngokulandisa komthethosisekelo noma ngamandla omthetho kamasipala iyohlala ibusa endaweni kamasipalati ize yesulwe ngumasipalati waleyondawo.
esikhishwe ngokulandisa koMthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya sithathwa njengemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emkhathini ekhishwe ngokwalo Mthetho, futhi kulesi sigaba siyokwaziwa kanje; "imvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emkhathini".
Isisebenzi sikazwelonke seqophelo lomoya kufanele sikhiphe isiqiniseko esibhaliwe kubanini-zitifiketi zokubhalisa ezigcwele noma zesikhashana ngezinguquko zesimo segunya labo ngokukhiqiza isisi, lokhu kummele kwenziwe zingakapheli izinsuku ezingu- 90 ngemuva kokuqala kwalo Mthetho.
kufanele bafake isicelo semvume yokukhiqizi isisi ungakapheli unyaka ngemuva kokuqala kwalo Mthetho.
Ukwehluleka ukufaka isicelo esifanele singakapheli isikhathi esihlinzekwe esigatshaneni- kuyoholela ekuhoxisweni kwemvume yesikhashana yokukhiqiza isisi okuqondiswe esigatshaneni- , bese leyo mvume ithathwe njengento eyize nengasebenzi.
Umnini-mvume yesikhashana yokukhiqiza isisi emoyeni unelungelo lemvume yokukhiqiza isisi uma isikhungo esikhishelwe imvume sihambisana ngokugcwele nemibandela yemvume yesikhashana yomkhiqizo wesisi emoyeni ekhishwe ngalo Mthetho.
Ngaphandle kwesigatshana- 5, umkhandlu wezimvume ungafuna ukubuyekeza imvume yesikhashana yokukhiqiza isisi ngokulandisa kwesigaba noma uguquko oluhlinzekwe esigabeni 43 ngaphambi kokukhipha imvume yokukhiqiza isisi ehlonzwe esigatshaneni -.
Kusalindwe ukuba kuqagulwe izenzo ezisohlwini ezihlonzwe esigabeni- 21, inqubo etholwe kwiSheduli- 2 yoMthetho Onqanda Ukunukutshezwa Komoya kufanele ithathwe njengezenzo ezisohlwini ngohlelo lwalo Mthetho.
Kuze kufike isikhathi lapho iqophelo lomoya selibunjiwe ngaphansi kwesigaba- 9, noma-11, iyoqhubeka nokusebenza imihlahlandlela yeqophelo lomoya equkethwe kuSheduli -1.
a umthamo ophakeme wesilinganiso sengxenye engu -1.
b Isilinganiso sengxenye engu- 0.
a Umthamo ophakeme wesilinganiso sengxenye engu -1.
c isilinganiso sengxenye engu-0.
d isilinganiso sengxenye engu -0.3 enkulungwaneni enyangeni ephelele ikalwa ngezinga-kushisa lika- 25 esimweni esijwayelekile somkhathi; noma e isilinganiso sengxenye engu -0.2 enkulungwaneni enyakeni ophelele ikalwa ngezinga-kushisa lika- 25 esimweni esijwayelekile somkhathi.
a umthamo ophakame wesilinganiso sengxenye engu- 0.
b isilinganiso sengxenye engu -0.
c isilinganiso sengxenye engu- 0.
d isilinganiso sengxenye engu- 0.
e isilinganiso sengxenye engu- 0.05 enkulungwaneni, esikhathini esiwunyaka ikalwa ngezinga-kushisa lika- 25, esimweni esijwayelekile somkhathi.
a isilinganiso sengxenye engu -0.
c isilinganiso sengxenye engu -0.
d isilinganiso sengxenye engu- 0.019 enkulungwaneni noma-50 microgramu ngekhubikmita eyodwa enyakeni ophelele, ikalwa ngezinga-kushisa lika -25, esimweni esijwayelekile somkhathi.
Ingxube yezithatho zesisi somthofu akufanele zeqe umkhawulo ka 2.5 microgramu ngekhubimita eyodwa enyangeni.
a isilinganiso sika- 180 micrograms kwikhubimita enyangeni futhi amahora angu -24 akufanele edlulwe izikhathi ezevile emahlandleni amathathu ngonyaka; noma b isilinganiso sama-microgramu angu -60 ngekhubhimita enyakeni ophelele.
futhi amahora angu -24 akufanele edlulwe izikhathi ezevile emahlandleni amathathu ngonyaka.
Ukunukutshezwa Komkhathi ka-1965 (Umthetho No. 45 ka -1965) (APPA). Lo Mthetho sewedlulelwe yisikhathi ngenxa yezizathu eziningi, isibonelo, awuhlinzekeli ukwabiwa kwemisebenzi yohulumeni bezifundazwe nabasekhaya njengoba uhlonza uMthethosisekelo.
Ngokunjalo unezinhlelo ezingenele zokuqhuba nokuphoqelela kahle lo Mthetho futhi awuvumeli isimo sokuthathwa kwezinqumo ngendlela esobala.
Imibandela yokulandela nokuphoqelela.
yokusiza iNingizimu Afrika ekuhlangabezaneni nezibophezelo zamazwe omhlaba.
Ngesikhathi sokudweba Umhlahlandlela Wokunukutshezwa kwemvelo Okudidiyele Nokugcinwa Kwenhlanzeko eNingizimu Afrika, kunohlelo olubanzi lokubonisana olwalandelwa okuyinto eyisisekelo saloMthethosivivinywa.
Umthethosivivinywa wengeza izibophezelo kuhulumeni kazwelonke, wezifundazwe nasezinhlakeni zohulumeni bakamasipala. Nakuba ukugcinwa kweqophelo lomoya kungesiyona into entsha ngempela, Umthethosivivinywa uguqula kakhulu indlela okusatshalaliswa ngayo amandla nezibophezelo phakathi kwezinhlaka, ngakho, udale izibophezelo ezinkulu emazingeni esifundazwe nakohulumeni basekhaya ukwedlula esikhathini se-APPA.
Izindleko sezizonke zokuqalisa lo Mthetho ohlongozwayo ezingeni likazwelonke, ezifundazweni nasezinhlakeni zonke zohulumeni bomasipala zibalelwa ku-R85,019 wezigidi uma zonke izinhlelo zaloMthetho ohlongozwayo zingaqala ngesikhathi esisodwa. Okugqamayo kodwa wukuthi uma zingeniswa ngezikhawu isikhathi esiyiminyaka emihlanu, izindleko eziphelele (kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni) zingakhula zisuka ku-R15,308 wezigidi enyakeni wokuqala zifinyelele ku- R57,619 wezigidi ngonyaka wesihlanu. Ngemuva kwalokho, izindleko ziyoba sesimweni esingaguquki kakhulu.
Abeluleki Bomthetho bakaHulumeni noMnyango Wezindaba Zemvelo Nokuvakasha banombono wokuthi lo Mthethosivivinywa kufanele udingidwe ngokuhambisana nenqubo emiswe esigabeni- 76 noma - soMthethosisekelo ngenxa yokuthi ungena ngaphansi komkhakha wemisebenzi esohlwini lweNgxenye A no B kaSheduli-4 woMthethosisekelo efundeka, kanje "imvelo" no "ukunukubeza umoya" ngokulandelana kwakho.
